Isekela likamengameli umnumzane Cyril Ramaphosa uvikele umengameli Jacob Zuma kulandela imibiko yokuthi umengameli wathi iANC ibaluleke ngaphezu kwalelizwe. Umengameli waphawula ngesikhathi ekhuluma engqungqutheleni yeANC yokukhetha ubuholi ngesonto elidlule KwaZulu Natal. Umnumzane Ramaphosa utshele isishayamthetho sikazwelonke ukuthi umengameli Zuma wacashunwa ngendlela ekungasiyona.